Love Poem: Incwadi

Incwadi

Kukhala uthekwane kufakaze ingududu
   Izwe selaphathwa ngabanye ngiqinisile 
Ungadideki ngithunyiwe isithunyiwe isithunywa asoni njengomoni
    Kuntwela enzansi ukusa kwaziwa 
Ungafunga ukuthi ngiyobqnga emfuleni kanti phinde akunjalo 
      Ngithunywe umneumnewethu kuleya nkosazane emhlophe okwezihlabathi zolwandle
Esho ngamehlo  asankomo yona engafifiyeli
    Ingichaza mayilususa ilubeka unyawo
Ikhetha amabala njengongacathulele
    Ungadideki angazi anginalwazi ngiyisithunywa
Ngiyinhloli bengincoma nkosazane

Incwadi le engiyiphethe angisazi ibhalwe ukuthini
Kepha oyibhalile  ngiyamazi
     Mina ngiyiposi ngibuke ngiwumkhonzo
Engifisa ukukwazi ukuthi umbhali walencwadi uyamthanda yini?