Love Poem: Ngiphendule

Ngiphendule

Angilwi lokhu impi yabulala,amaqhawe akithi.
Iqiniso angilazi,kepha kudala ngiloba.
Ngosiba,lokhu nginethemba lokuthi lapho ukho.
Lencwadi yami ehlala iza kuwe,uyoyithola.
Qede,kumamatheke inhliziyo yakho.
Ngiphathisa njalo,nxa behla beza emakhaya.
Yebo angehli njalo kepha,kanye ngonyaka.
Selokhu ngaqala ukukubhalela lutho impendulo.

Ngiphendule,phela angisazi nqindi nasibhakela.
Hleze imifula seyagcwala izihlabathi.
Okanye sekwaba semanxiweni .
Angiyena umuntu onovalo,kepha ithemba leze liyabulala.
Libulala inhliziyo yothando,qede kukhule kukhule inzondo.
Njengembali ehlala emanzini okwe nhlanzi.
Engimphathisayo nxa ngimbuza ngawe uvele athi.
"Incwadi uyithathile kepha awushongo lutho".
Kaze uyayifunda yini lezo  zincwadi zami?
Ithemba alisekho iqiniso lihle.
Awachithwe amanzi inkukhu ibalekile.
Ngiyavuma ithathwa esokeni.
Hleze vele sewabuyela,kulo isoka lakho lakudala.
Akusenani ngihosha imfe ngyabonga.