Kukhala uthekwane kufakaze ingududu Izwe selaphathwa ngabanye ngiqinisile Ungadideki ngithunyiwe isithunyiwe isithunywa asoni njengomoni Kuntwela enzansi ukusa kwaziwa Ungafunga ukuthi ngiyobqnga emfuleni kanti phinde akunjalo Ngithunywe umneumnewethu kuleya nkosazane emhlophe okwezihlabathi zolwandle Esho ngamehlo asankomo yona engafifiyeli Ingichaza mayilususa ilubeka unyawo Ikhetha amabala njengongacathulele Ungadideki angazi anginalwazi ngiyisithunywa Ngiyinhloli bengincoma nkosazane Incwadi le engiyiphethe angisazi ibhalwe ukuthini Kepha oyibhalile ngiyamazi Mina ngiyiposi ngibuke ngiwumkhonzo Engifisa ukukwazi ukuthi umbhali walencwadi uyamthanda yini?